Y-Prime, LLC:
 Inqubomgomo Yobumfihlo

Injongo

I-Y-Prime, LLC (YPrime) izibophezele ekungafihlini lutho lapho kuziwa ekuqoqeni nasekusebenziseni kwayo iMininingwane Yomuntu. Lesi saziso sichaza ukuzibophezela kwe-YPrime ngokuphathelene nobumfihlo, ukuvikelwa kwemininingwane, amalungelo abantu kanye nezibopho zayo mayelana neMininingwane Yomuntu.

Lesi saziso sisebenza kuyo yonke iMininingwane Yomuntu ngamunye kumaklayenti, ababambiqhaza ocwaningweni lwezokwelapha, abadayisi, abantu abafuna umsebenzi, izisebenzi, osonkontileka, izisebenzi zangaphambilini, kanye nezivakashi ezingena kwiwebusayithi ye-YPrime (njengamakhukhi namathegi e-inthanethi) okuyimininingwane ehlinzekwa noma eqoqwa futhi isetshenziswe yi-YPrime.

Amalungelo Akho Obumfihlo Ase-California

Ngaphansi komthetho wase-California obizwa ngokuthi “Shine the Light”, izakhamuzi zase-California ezisinikeza imininingwane yazo ethile ezidalulayo ukuze zithole imikhiqizo noma izinkonzo ezihloselwe ukusetshenziswa umuntu, umndeni noma yikhaya, zinelungelo lokucela nokuthola kithi (kanye ngonyaka) ulwazi mayelana nemininingwane yekhasimende esiyidlulisele (uma ikhona) kwamanye amabhizinisi ukuze ayisebenzise ekudayiseni imikhiqizo yawo ngokuqondile. Uma lokhu kusebenza, lolu lwazi lubandakanya izigaba zemininingwane yamakhasimende kanye namagama namakheli alawo mabhizinisi esiwanike imininingwane yekhasimende onyakeni osanda kudlula (isibonelo, izicelo ezenziwe ngo-2021 zizothola imininingwane emayelana nokwabelana okwenzeke ngo-2020, uma kukhona).

Ukuze uthole lolu lwazi, sicela uthumele umyalezo nge-imeyili ku privacy@yprime.com ubhale ukuthi “Request for California Privacy Information” emgqeni wesihloko nasemzimbeni womyalezo wakho. Sizothumela ulwazi olucelile ekhelini lakho le imeyili.

Sicela uqaphele ukuthi akukhona konke ukwabelana ngemininingwane okusingathwa yizimfuneko zomthetho othi “Shine the Light”, nokuthi yimininingwane kuphela engaphansi kokwabelana okusingathwa yilezo zimfuneko okuzofakwa empendulweni yethu.

I-YPrime iyabuhlonipha ubumfihlo bomuntu ngamunye futhi ikubheka njengokubalulekile ukwethenjwa amakhasimende ayo, izisebenzi, ababambiqhaza ocwaningweni lwezokwelapha, amakhasimende, labo ebambisene nabo kwezebhizinisi kanye nabanye. I-YPrime ilwela ukuqoqa, ukusebenzisa nokudalula iMininingwane Yomuntu ngendlela evumelana nemithetho yamazwe esebenza kuwo, kodwa iphinde ibe nesiko lokulandela imithetho ephakeme yokuziphatha endleleni eyenza ngayo ibhizinisi.

Imibuzo emayelana nalesi saziso, noma izicelo zokuthola ulwazi oluthe xaxa, kufanele kuthunyelwe ku privacy@yprime.com. I-YPrime ithobela imithetho ye-GDPR.

Lesi saziso singase sibuyekezwe ngezinye izikhathi. Lapho ukubuyekeza kwenziwa, usuku lokubuyekeza kokugcina luzobhalwa ekugcineni kwekhasi.

Izincazelo

“UMlawuli WeMininingwane” umuntu ongokoqobo noma inhlangano esemthethweni, isiphathimandla somphakathi, i-ejensi noma enye inhlangano, iyodwa noma ngokubambisana nezinye, enquma izinjongo kanye nezindlela zokuSebenzisa IMininingwane Yomuntu.

“UMnikazi WeMininingwane” umuntu ongokoqobo ophilayo odaluliwe noma odalulekayo.

I-“GDPR” imelela ukuthi European Union’s General Data Protection Regulation

“IMininingwane Yomuntu” yinoma yimiphi imininingwane emayelana nomuntu ophilayo ongadalulwa ngaleyo mininingwane. Ngaphansi kwe-GDPR le mininingwane yaziwa ngokuthi “IMininingwane Engadalula Umuntu”.

“UkuSebenzisa IMininingwane” kusho ukusebenzisa imininingwane nganoma iyiphi indlela, kubandakanye ukuyiqoqa, ukuyigcina, ukuyilungisa, ukuyiveza noma ukuyishabalalisa.

“UmSebenzisi WeMininingwane” umuntu ongokoqobo noma inhlangano esemthethweni, iziphathimandla zomphakathi, i-ejensi noma enye inhlangano esebenzisa iMininingwane Yomuntu egameni lomlawuli wemininingwane.

“Izigaba Ezikhethekile ZeMininingwane Yomuntu” zisho imininingwane emayelana nobuzwe noma ubuhlanga bomuntu, Amarekhodi Obugebengu, imibono yezombusazwe, izinkolelo zenkolo nemibono yefilosofi, ubulungu benyunyana, impilo, ezocansi noma uhlobo lwabantu athandana nalo kanye nezilinganiso zomzimba womuntu, futhi ziwuhlobo lweMininingwane Yomuntu.

“IMininingwane Yamarekhodi Obugebengu” isho imininingwane emayelana nokuboshwa namacala omuntu, kanye nemininingwane ehlobana nokusolwa kanye nokuqulwa kwamacala.

Imithetho Yokuvikelwa KweMininingwane

I-YPrime isebenzisa iMininingwane Yomuntu ngokuvumelana nemithetho elandelayo yokuvikelwa kwemininingwane:

  • Isebenzisa iMininingwane Yomuntu ngendlela engakhethi, esemthethweni nengafihli lutho.
  • Iqoqa kuphela iMininingwane Yomuntu ngezinjongo ezichaziwe, ezicacile nezifanele.
  • Isebenzisa iMininingwane Yomuntu kuphela lapho kwamukeleka khona, kufaneleka, futhi kulinganiselwa kulokho okudingekayo ukuze iSetshenziswe.
  • Igcina iMininingwane Yomuntu enembile futhi ithatha zonke izinyathelo ezifanele ukuze iqinisekise ukuthi iMininingwane Yomuntu enganembile iyalungiswa noma isuswe ngokushesha.
  • Igcina iMininingwane Yomuntu kuphela isikhathi esidingekayo ukuze iSetshenziswe.
  • Ithatha izinyathelo ezifanele ukuze iqinisekise ukuthi iMininingwane Yomuntu iphephile, futhi ivikelekile ekuSetshenzisweni okungagunyaziwe noma okungemthetho kanye nokulahleka ngephutha, ukushabalala, noma ukulimala.

I-YPrime ithwala umthwalo wendlela ethola ngayo iMininingwane Yomuntu, indlela eyisebenzisa ngayo nendlela eyilahla ngayo, nokuqinisekisa ukuthi izinto zenziwa ngokuvumelana nemithetho engenhla.

  • Isebenzisa iMininingwane Yomuntu ngendlela engakhethi, esemthethweni nengafihli lutho.
  • Iqoqa kuphela iMininingwane Yomuntu ngezinjongo ezichaziwe, ezicacile nezifanele.
  • Isebenzisa iMininingwane Yomuntu kuphela lapho kwamukeleka khona, kufaneleka, futhi kulinganiselwa kulokho okudingekayo ukuze iSetshenziswe.
  • Igcina iMininingwane Yomuntu enembile futhi ithatha zonke izinyathelo ezifanele ukuthi iqinisekise ukuthi iMininingwane Yomuntu enganembile iyalungiswa noma isuswe ngokushesha.
  • Igcina iMininingwane Yomuntu kuphela isikhathi esidingekayo ukuze iSetshenziswe.
  • Ithatha izinyathelo ezifanele ukuze iqinisekise ukuthi iMininingwane Yomuntu iphephile, futhi ivikelekile ekuSetshenzisweni okungagunyaziwe noma okungemthetho kanye nokulahleka ngephutha, ukushabalala, noma ukulimala.
  • Ithwala umthwalo wendlela ethola ngayo iMininingwane Yomuntu, indlela eyisebenzisa ngayo nendlela eyilahla ngayo, nokuqinisekisa ukuthi izinto zenziwa ngokuvumelana nemithetho engenhla.

Lapho ibhekwa khona njengoMlawuli Wemininingwane, i-YPrime itshela abantu izizathu zokuSebenzisa iMininingwane Yabo, indlela eyisebenzisa ngayo leyo mininingwane kanye nesizathu esingokomthetho sokuSeyibenzisa ezazisweni zayo zobumfihlo, nokungayisebenzisi iMmininingwane Yabanye abantu ngenxa yezinye izizathu. Lapho khona i-YPrime incika ezizathwini zayo zebhizinisi ezifanele njengesizathu sokuSebenzisa imininingwane, izohlola ukuze iqinisekise ukuthi lezo zizathu azihlukumezi amalungelo nenkululeko yabanye. I-YPrime izobuyekeza iMininingwane Yomuntu ngokushesha uma lowo muntu eyitshela ukuthi imininingwane yakhe ishintshile noma ayinembile.

Lapho ibhekwa khona njengoMsebenzisi Wemininingwane noma umsebenzisi ongaphansi, i-YPrime izosebenzisa kuphela iMininingwane Yomuntu ngokuvumelana nemithetho esebenzayo, iziqondiso, imithethonqubo, futhi inamathele kulokho okushiwo umlawuli wemininingwane.

IMininingwane Yomuntu eqoqwe njengengxenye yobuhlobo obuphakathi komqashi nesisebenzi izogcinwa efayeleni lomuntu ngamunye, efayeleni elingokoqobo noma elikukhompyutha nakumasistimu omnyango wezisebenzi wase-YPrime. Ubude besikhathi i-YPrime ezogcina ngaso iMininingwane Yomuntu ephathelene nomsebenzi bubhalwe ezazisweni zayo zobumfihlo ezithunyelwa kubantu ngabanye.

Osonkontileka abenza imisebenzi ye-YPrime ngezinye izikhathi abakwazi ukuyithola yonke iMininingwane Yomuntu ngesikhathi behlinzeka i-YPrime ngemikhiqizo noma izinkonzo. Ukuthola kosonkontileka iMininingwane Yomuntu kulinganiselwe kulokho okudingeka ngempela ukuze usonkontileka enze lowo msebenzi awuzele e-YPrime. I-YPrime idinga ukuba osonkontileka abenza umsebenzi wayo benze lokhu: (1) bavikele ubumfihlo banoma yimiphi iMininingwane Yomuntu ngokuvumelana nalesi saziso, futhi (2) bangasebenzisi noma badalule iMininingwane Yomuntu nganoma yisiphi isizathu ngaphandle kwesokuhlinzeka i-YPrime ngemikhiqizo nezinkonzo, njengoba kusho umthetho.

I-YPrime igcina irekhodi layo lokuSetshenziswa kweMininingwane Yomuntu ngokuvumelana nezimfuneko ze-GDPR.

Amalungelo Omuntu Ngamunye

Njengomnikazi wemininingwane, umuntu ngamanye unamalungelo amaningana ngokuphathelene neMininingwane Yakhe.

Izicelo ZoMnikazi WeMininingwane Zokuthola IMininingwane Yakhe

Abantu banelungelo lokwazi ukuthi yimiphi iMininingwane yabo elawulwa nesetshenziswa yi-YPrime nokuqinisekisa ukuthi leyo Mininingwane inembile futhi iyafanelana nezinjongo eqoqelwe zona yi-YPrime. Uma umuntu enza isicelo ezifanele, i-YPrime izomtshela:

  • ukuthi imininingwane yakhe iyasetshenziswa yini nokuthi kungani isetshenziswa, izigaba ezithintekayo zeMininingwane Yakhe kanye nomthombo wemininingwane uma ingaqoqwanga kumuntu ngokwakhe;
  • ukuthi imininingwane yakhe ingase idalulwe kubani, kubandakanye nalabo abangaphandle kwe-European Economic Area (EEA), kanye nezivikelo ezisetshenziswayo lapho kuthunyelwa le mininingwane.
  • ukuthi iMininingwane Yakhe izigcinwa isikhathi esingakanani (noma ukuthi leyo nkathi inqunywa kanjani);
  • ngamalungelo akhe okulungisa noma ukususa leyo mininingwane, noma ukubeka imingcele noma ukuphikisa ukuSetshenziswa kwayo;
  • ngelungelo lakhe lokufaka isikhalo eziphathimandleni ezifanele zobumfihlo bemininingwane uma ecabanga ukuthi i-YPrime yehlulekile ukwenza ngokuvumelana namalungelo akhe okuvikelwa kwemininingwane;
  • ukuthi i-YPrime ithatha izinqumo ngokuzenzakalelayo yini noma iyacabanga yini kuqala ngaphambi kokuthatha izinqumo ezinjalo.

I-YPrime izophinde inikeze umuntu ikhophi leMininingwane Yakhe eye yaqoqwa ngesikhathi iSetshenziswa. Ngokuvamile leli kuzoba yikhophi elifundwa ngomshini wobuchwepheshe uma umuntu ethumele isicelo ngezobuchwepheshe, ngaphandle uma umuntu ecela okuhlukile.

Uma umuntu ecela amakhophi engeziwe, i-YPrime ingase imkhokhise izindleko ezifanele, ezizobe zisekelwe ezindlekweni zokumhlinzeka ngamakhophi engeziwe.

Ukuze enze isicelo sokuthola imininingwane yakhe, umuntu kufanele athumele umyalezo nge-imeyili ku-marketing@yprime.com. Kuzo zonke izimo, umthetho uthi i-YPrime kudingeka icele ubufakazi bukamazisi ngaphambi kokuba isicelo sisingathwe. Kwezinye izimo, i-YPrime ingase idinge ukuxhumana nomlawuli wemininingwane uma i-YPrime inguMsebenzisi WeMininingwane (noma umsebenzisi ongaphansi), uma lokho kusebenza.

Ngokuvamile i-YPrime izophendula isicelo ingakapheli inyanga isitholile isicelo. Kwezinye izimo, njengalapho i-YPrime isebenzisa imininingwane yomuntu eminingi kakhulu, ingase iphendule zingakapheli izinyanga ezintathu ithole isicelo. I-YPrime izobhalela umuntu ingakapheli inyanga ithole isicelo sakhe sokuqala ukuze imtshele uma kuzokwenzeka lokhu.

Uma isicelo somnikazi wemininingwane singasekelwe ndawo noma seqisa, i-YPrime ayibophekile ukuthi yenze ngokuvumelana naso. Ngakolunye uhlangothi, i-YPrime ingavuma ukuphendula kodwa izokhokhisa izindleko, ezizosekelwa ezindlekweni zokuphendula isicelo. Isibonelo salapho isicelo somnikazi wemininingwane singase sibhekwe khona njengesingasekelwe ndawo noma eseqisayo kuyilapho isicelo esesiphenduliwe kakade yi-YPrime siphindwa. Uma umuntu ethumela isicelo esingasekelwe ndawo noma eseqisayo, i-YPrime iyomazisa ngesimo esinjalo nokuthi izophendula yini.

Amanye Amalungelo

Abantu banamalungelo amaningana ngokuphathelene neMiningwane Yabo. Abantu bangacela i-YPrime ukuba:

  • ibatshele ngokuqoqwa nokusetshenziswa kweMininingwane Yabo;
  • ilungise iMininingwane Yabo enganembile;
  • iyeke ukusebenzisa noma isuse iMininigwane Yabo engasadingeki ngenjongo yokuSebenzisa;
  • iqhubeke igcina iMininingwane Yabo kodwa ingayisebenzisi;
  • ihloniphe amalungelo abantu okumelana nokusetshenziswa kweMininingwane Yabo ezimweni ezithile njengasekukhangiseni okuqondile;
  • ibanikeze iMininingwane Yabo ngendlela ephatheka kalula, ukuze kube lula ukuyidlulisela ezintweni zobuchwepheshe. Ngokuvamile sizofeza lesi sicelo ngokuhlinzeka ngemininingwane ngohlobo lwefayela eliyi “comma-separated-values” (csv);
  • ihloniphe amalungelo abantu ahlobene nezinqumo ezithathwa ngokuzenzakalelayo ngokusekelwe eMininingwaneni Yabo;
  • iyeke ukuSebenzisa noma isuse iMininingwane Yomuntu uma amalungelo omuntu enamandla ukudlula izizathu ezifanele ze-YPrime zokuSebenzisa IMininingwane Yomuntu (lapho i-YPrime incika khona ezizathwini ezifanele njengesizathu sokuSebenzisa IMininingwane Yomuntu);
  • iyeke ukuSebenzisa noma isuse iMininingwane Yomuntu uma ukuyiSebenzisa kungekho emthethweni; futhi
  • iyeke ukuSebenzisa iMininingwane Yomuntu isikhathi esithile uma imininingwane inganembile noma uma kukhona umbango omayelana nokuthi amalungelo omuntu anamandla ukudlula izizathu ezifanele ze-YPrime zokuSebenzisa IMininingwane Yomuntu.

Ukuze acele i-YPrime ukuba ithathe noma yiziphi kulezi zinyathelo, umuntu kufanele athumele umyalezo nge-imeyili ku-marketing@yprime.com.

Abantu Base-EU (Abanikazi BeMininingwane Abase-EU) bangase bafake isikhalo eziphathimandleni zokuvikelwa kwemininingwane endaweni yakubo futhi bangathola izixazululo ezibophayo kwezinye izikhalo ezingaxazululwanga ngezinye izindlela zokulungisa imibango.

Uma ufuna ukuphawula noma kukhona okukukhathazayo ongeke ukuxazulule nathi ngokuqondile, ungaxhumana nesiphathimandla esifanele sokuvikelwa kwemininingwane lapho uhlala khona.

Ukuphepha KweMininingwane

I-YPrime ibheka ukuphepha kweMininingwane Yomuntu njengento ebaluleke kakhulu. I-YPrime inezinqubomgomo nezilawuli zangaphakathi zokuvikela iMininingwane Yomuntu ekulahlekeni, ukushabalala ngephutha, ukusetshenziswa kabi noma ukudalulwa, kanye nokuqinisekisa ukuthi imininingwane ayitholwa abanye ngaphandle kwezisebenzi eziyidingayo ukuze zenze imisebenzi yazo.

Lapho i-YPrime ibandakanya izinhlangano eziseceleni ukuze zisebenzise iMininingwane Yomuntu egameni layo, lezo zinhlangano zizokwenza kanjalo zilandela iziyalezo ezibhaliwe, zingaphansi kwesibopho sobumfihlo futhi zibophekile ukuba zithathe izinyathelo zobuchwepheshe nokuhlela ukuze ziqinisekise ukuphepha kwemininingwane.

I-YPrime iyaqaphela ukuthi kungase kube khona izinkinga lapho iMininingwane Yomuntu ingase ithunyelwe khona ezinhlanganweni eziseceleni. I-YPrime ngeke ithumele noma yimiphi iMininingwane Yomuntu enhlanganweni eseceleni ngaphandle kokuqinisekisa kuqala ukuthi inhlangano eseceleni inamathela emithethweni enikeza izinga elifanele noma elilinganayo lokuvikeleka. I-YPrime ayithumeli iMininingwane Yomuntu ezinhlanganweni eziseceleni ezingahlobani, ngaphandle uma iklayenti lisho ngokusemthethweni ukuthi kwenziwe kanjalo noma uma kusho omunye umlawuli wemininingwane. Ngokwesibonelo, izimo ezinjalo zingabandakanya ukudalulwa kweMininingwane yeklayenti okudingwa umthetho noma yinqubo yomthetho, noma ukudalula okwenzelwa ukuzuzisa umuntu odalulwayo njengalokho okuthinta ukuphila, impilo noma ukuphepha. Uma kwenzeka ukuthi i-YPrime icelwa ukuba ithumele iMininingwane Yomuntu enhlanganweni eseceleni engahlobani, i-YPrime izoqinisekisa ukuthi inhlangano enjalo ihlinzeka ngezinga elifanele nelilinganayo lokuvikeleka. Uma kwenzeka i-YPrime ithole ukuthi inhlangano eseceleni engahlobani ethole iMininingwane Yomuntu evela e-YPrime, isebenzisa noma idalula iMininingwane Yomuntu ngendlela engavumelani nalesi saziso, i-YPrime izothatha izinyathelo ezifanele ukuze inqande noma ivimbe lokho kusetshenziswa noma ukudalulwa.

Ukuhlola Umthelela

Okunye ukuSetshenziswa kwemininingwane okwenziwa yi-YPrime kungase kuholele ezingozini zobumfihlo. Lapho ukuSetshenziswa kungaholela khona ezingozini ezinkulu emalungelweni nasenkululekweni yomuntu, i-YPrime izohlola umthelela wokuvikeleka kwemininingwane ukuze kunqunywe isidingo nokufaneleka kokuSetshenziswa. Lokhu kuzobandakanya ukucabanga ngezinjongo zokwenziwa komsebenzi, izingozi ezikhona kubantu kanye nezinyathelo ezingathathwa ukuze kuncishiswe lezo zingozi.

Ukuputshuka KweMininingwane

Uma i-YPrime ithola ukuthi kuneMininingwane Yomuntu eputshukile yaphuma engaba yingozi emalungelweni nasenkululekweni yabantu, izokubika lokho kuKhomishana Wemininingwane engakadluli amahora angu-72 kutholakele lokho. I-YPrime izorekhoda konke ukuputshuka kwemininingwane kungakhathaliseki ukuthi ube yini umthelela wako.

Uma ukuputshuka kungase kuholele engozini enkulu emalungelweni nasenkululekweni yabantu, izotshela abantu abathintekayo ukuthi kuye kwaputshuka imininingwane futhi ibatshele nemiphumela engase ibe khona kanye nezinyathelo ezithathiwe zokunciphisa umonakalo.

Ukudluliselwa KweMininingwane Kwamanye Amazwe

IMininingwane Yomuntu elawulwa noma esetshenziswa yi-YPrime ingase idluliselwe emazweni angaphandle kwe-EEA.

I-YPrime iqinisekisa ukwenza ngokuvumelana nalesi saziso ngokusebenzisa Izigaba Ezivamile Zenkontileka, ezisebenzayo, kanye nokuphenya ngokuphelele nokuzama ukuxazulula noma yisiphi isikhalo noma umbango omayelanala nokusebenziswa nokudalulwa kweMininingwane Yomuntu okungahambisani nalesi saziso.

Imithwalo Yezisebenzisi Zase-Yprime

Izisebenzi zase-YPrime zingase ziyifinyelele iMininingwane yabanye abantu kanye neyamakhasimende namaklayenti ethu ngesikhathi zisaqashiwe. Esimweni esinjalo, i-YPrime incike kubantu ukuba bayisize ihlangabezane nezibopho zayo zokuvikela imininingwane ezisebenzini nakumakhasimende namaklayenti.

Izisebenzi ezikwazi ukufinyelela iMininingwane Yomuntu kudingeka:

  • zifinyelele kuphela imininingwane ezinelungelo lokuyifinyelela, zikwenze lokho kuphela ngenxa yezinjongo ezigunyaziwe;
  • zingayidaluli kumuntu imininingwane, ngaphandle uma lowo muntu ngaphandle noma ngaphakathi kwe-YPrime enegunya elifanele.
  • zigcine imininingwane iphephile ngokwesibonelo ngokunamathela emithethweni yokungena ezikhungweni, ukungena kukhompyutha, kuhlanganise ukuvikela iphasiwedi, ukugcina nokushabalalisa amafayela ngendlela ephephile.
  • zingayisusi iMininingwane Yomuntu, noma amadivayisi aqukethe noma angasetshenziselwa ukufinyelela iMininingwane Yomuntu, ezakhiweni ze-YPrime ngaphandle kokuthatha izinyathelo ezifanele zokuphepha njengokukhiyela amafayela noma ukuvikela ngephasiwedi ukuze kuvikelwe imininingwane kanye nedivayisi;
  • zingayigcini iMininingwane Yomuntu emakhompyutheni noma kumadivayisi azo eziwasebenzisela izinjongo zomsebenzi; futhi
  • zibike ngokushesha ukuputshuka kwemininingwane lapho zizwa ngakho ku-privacy@yprime.com.

Ukwehluleka ukulandela lezi zimfuneko kungase kuholele ecaleni elidinga ukuqondiswa kwezigwegwe, elingase lisingathwe kusetshenziswa izinqubomgomo nezinqubo ze-YPrime zokuqondisa izigwegwe.

I-YPrime izoqeqesha zonke izisebenzi ngokuphathelene nemithwalo yazo yokuvikela imininingwane njengengxenye yenqubo yokuqeqeshelwa umsebenzi bese ngemva kwalokho kwenziwe ngezikhawu.

Izisebenzi ezinezindima ezidinga ukuba zifinyelele iMininingwane Yomuntu njalo, noma ezinomthwalo wokusebenzisa lesi saziso noma ukuphendula izicelo zabanikazi bemininingwane zokufinelela imininingwane ezenziwa ngaphansi kwalesi saziso, zizothola ukuqeqeshwa okwengeziwe ukuze zisizwe ziqonde imithwalo yazo kanye nendlela yokwenza ngokuvumelana nayo.

Ubumfihlo Ku-inthanethi

I-YPrime, noma izinhlangano eziseceleni ziqondiswa yi-YPrime, zingase ziqoqe iMininingwane Yomuntu ngewebusayithi yayo kanye nokuxhumana nezivakashi kuwebusayithi yayo, nakho okulawulwa yilesi saziso. IMininingwane Yomuntu enjalo ingaqoqwa lapho umuntu ethumela igama lakhe kanye/noma ikheli. I-YPrime noma izinhlangano eziseceleni ziqondiswa yi-YPrime, zingaqoqa futhi imininingwane mayelana nokuvakashela kuwebusayithi ye-YPrime ngaphandle kokuba umuntu athumele ngokoqobo imininingwane kusetshenziswa izindlela ezihlukahlukene zobuchwepheshe ezizenzakalelayo, njengamakheli e-IP, amakhukhi, ama-pixel, kanye nokusebenzisa komuntu iwebusayithi. Nakuba imininingwane eqoqwe ngale ndlela ezenzakalelayo yobuchwepheshe ingamdaluli ngokuqondile umuntu, amabrawuza e-inthanethi ngokuzenzakalelayo athumela imininingwane kuwebusayithi ye-YPrime emayelana nohlelo lwesistimu esetshenziwa yikhompyutha yomuntu oyisebenzisayo, njengekheli le-IP nohlelo lwebrawuza. Imininingwane eqoqwa yilobu buchwepheshe ngeke isetshenziselwe ukudalula abantu ngaphandle kokuthola imininingwane eyengeziwe edalulayo.

Amakhukhi

I-YPrime isebenzisa amakhukhi okungamafayela amancane emininingwane athunyelwa yinkundla yethu bese egcinwa kudivayisi yakho. Iwebusayithi yethu isebenzisa amakhukhi afakwa yithi noma yizinhlangano eziseceleni ngezinjongo ezihlukahlukene kubandakanye ukusebenzisa nokuhlela kabusha iwebusayithi ukuze abayisebenzisayo bayijabulele kakhudlwana nangezizathu zokukhangisa. Amakhukhi angase ayeke ukusebenza lapho uqeda ukubrawuza, noma angagcinwa ekhompyutheni yakho alinde isikhathi esilandelayo lapho uvakashela iwebusayithi. Ungavimba amasethingi amakhukhi ngokuhlela amasethingi kubrawuza yakho (bheka ingxenye ethi \”Help\” ukuze uthole indlela yokwenza lokhu.) Ukuvala amakhukhi kuzothinta indlela ojabulela ngayo iwebusayithi yethu.

Inguqulo 9, igcine ukubuyekezwa ngomhla ka-25 Mashi 2023

Scroll to Top